                          Funda kabanzi ngami....



Igama lami ngokugcwele ngingu Robert Sikhumbuzo Shandu. Ngazalelwa
kwaZulu/Natal, eMahlabathini, kwesikaMlaba isigodi. Abazali bami u
Khelestofa (Christopher) kanye no Bhethina (Bertina). Ngisalusa izinkomo
nezimbuzi, bengiphuza emfuleni kwaSomopho, ngibhava oZweni. Ngazalwa
ngonyaka ka 1971 enyangeni ka April iqala.

Ngisemncane ngangisithanda kakhulu isikole. Ngisakhumbula sibancanyana
sifake inyumfoma yethu yokhakhi, sishaya ngezinyawo ogwadule
lwaseNhlungwane kubanda kuqhasha ifinyila endodeni, sigijima ibanga elide
sedlula intaba ebizwa ngokuthi uNtabakhuluma, seqa imihosha nemihoshana
sibheke eNtilingwe Lower Primary School eyabe iphethwe uMadam Buthelezi,
siyofuna ulwazi.

Ukusithanda kwami isikole kwenza ukuthi kubelula ukufunda, ngifunda
ngiphumelela ngedlulela e Ntilingwe Higher Primary School eyabe iphethwe
uPrincipal Nsele. Ngedlula lapho ngaya eZwelonke High School eyabe iphethwe
uPrincipal Zungu. Ngangiphasa kahle ngoba ugogo wami (sewedlula emhlabeni,
alale nomusa) wayethi uma ebona i school report, athi "Awu, mntanomtanami,
uphindile futhi wabaphophotha ekhanda. Yenzani bo, nimubambele nasiyana
isikhukhukazana."

Kwenzeka ke ngisafunda ibanga lesishiyagalombili, eZwelonke High School,
kwafika ubaba thize ogama lakhe linguSithombe Phakathi, esikoleni sethu.
Wakhuluma noPrincipal maqedane mina kanye nomunye umfundi ogama lakhe lingu
Herbert Buthelezi sabizela ehhovisini likathishanhloko. Ngaqala ngavevezela
ngingazi nami ukuthi ngasengenzeni ngoba ngangithi ngiyisitshudeni esihle
nje ngoba ngangiyi prefect esikoleni. Wabona uthishomkhulu ukuthi
ngethukile, wathi angingathuki akonakele lutho. Wathi kade kufika isikhulu
saseMandleni/Matleng Youth Camp, sithi sifuna abafundi bebanga
lesishayagalombili ukuba bayobhala isivivinyo eMasibumbane High School.
Labo bafundi wayebafuna esifundeni sakhe, kanti ke ababili babo abayokwenza
kahle babezothola umfundaze wokuyofunda esikoleni esingcono. Ngangithi
bakhuluma ngezikole sasemalokishini ngoba thina phela sasifunda ezikoleni
zasemakhaya.

Savivinywa ke, kwathi ngesonto lesibili noma lesithathu emva kwalokho
ngasengiphinda ngibizwela ehhovisi likathishomkhulu. Yizwa ke esengitshela
insumansumane ethi ngibhale kahle ngazitholela umfundaze wokufunda phesheya
eMelika eMississippi esikoleni okuthiwa i Piney Woods Country Life School
esasiphethwe uDr. Charles Beady. Ngadedelwa ngalelolanga esikoleni ukuba
ngiyotshela abazali. Angigijimanga sengibheke ekhaya!!! Angiboni ukuthi
uBen Johnson wayengangehlula ngalelolanga. Ngafika ekhaya ngathola
okuyingane yasekhaya ngabuza ukuthi uphi ugogo. Yathi uyocoshela izinkuni
entabeni iMbacekwane. Noma ngasengijuluka ngimanzi ukugijima, ngaphinda
ngafaka elinye ijubane sengibheke eMbacekwane. Nebala ngamthola ugogo
etheza ngamenekela indaba. Wamane wathi ngiyaphupha angimyeke. Wathi uma
ebona ukuthi angidlali ngiyambelesela ngalendaba wavuma ukunginika ompondo
abahlanu ukuze ngikwazi ukuya eMpangeni ngiyobikela ubaba.

Ngalifulathela ke leli likaMthaniya ngoJanuary 1988 ngihamba nomunye
umfundi ogama lakhe linguBasil Makhoba sibheke kwelaseMelika, kusabusa
uGeorge Bush. Safika eMelika sithithiza singawezwa amaMelikana lapho
esesikhipha ngamakhala isiNgisi. Kodwa sasheshe sejwayela saqhubeka
nokufunda.

NgoJune 1990 ngaqeda ePineyWoods, ngiyiStar Student yekilasi lami. Ngaya
Jackson State University eMississippi ngiyofundela izibalo(Mathematics).
Emva kweminyaka emithathu ngathola iziqu zami iBachelor of Science ngase
ngiya eUniversity of Minnesota eMinnesota ngiyofundela iElectrical
Engineering. Ngaqeda lapho ngoJune 1996 ngathola iziqu zami iBachelor of
Electrical Engineering. Ngathi ukutohoza enkampanini iAnalysts
International Corporation ngaphambi kokulifulathela elaseMelika
sengizosebenza lapha kwaEskom ngoDecember 1996. Ngisebenzela
ePTM (Witbank). Ngiyi electrical engineer khona.

Ngisaqhubeka nokufuzifundisa izinto eziningi. Ngiyaxhumana nabangani bami
abadala. Ngiyakunxusa ke ukhuthi uma ufunda lapha, ungithinte ungazise
ngawe. Ngijabula kabi ukwazi ukuthi baqhubeka kanjani benzani abangani
bami.

Ngiyatholakala kuledilesi elandelayo : prshandu@iafrica.com.

Cosu cosu, yaphela....

                        This page hosted by [Image]

                        Get your own Free Home Page

  ------------------------------------------------------------------------
 HOME | PERSONAL INFO | COOL SITES | SAYINGS I'VE LOVED | BEAUTIFUL JOKES |
                            MY PICTURE GALLERY

  ------------------------------------------------------------------------
The Zulu section has been visited [Image] times since 20-February-1999.

[1] [Image]
